UJeremiya 29:1-14

UJeremiya 29:1-14 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Nanka amazwi encwadi uJeremiya, umphrofethi, ayithumela eseJerusalema ensalini yamalunga, abaphristi, abaphrofethi nakubo bonke abantu uNebukhadinezari ayebathumbile eJerusalema, wabayisa eBhabhele. Lokhu kwenzeka emveni kokuba inkosi uJekhoniya, indlovukazi emzalayo, izikhulu zasesigodlweni, izikhulu zakwaJuda nezaseJerusalema, izingcweti nabakhandi, sebesukile eJerusalema, ngesandla sika-Elasa, indodana kaShafani noGemariya, indodana kaHilikiya, uZedekiya, inkosi yakwaJuda, abathuma eBhabhele kuNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, ethi: Usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, kubo bonke abathunjwa engabathumela ekuthunjweni eBhabhele besuka eJerusalema, uthi: “Yakhani izindlu, nihlale kuzo; tshalani amasimu, nidle imikhiqizo yawo; thathani abafazi, nizale amadodana namadodakazi; thathelani amadodana enu abafazi, amadodakazi enu niwaganisele amadoda, ukuba azale amadodana namadodakazi, nande lapho, ninganciphi. Funani inhlalakahle yomuzi lapho nithunjelwe khona, niwukhulekele kuSimakade, ngokuba inhlalakahle yawo kuyoba yinhlalakahle yenu.” Ngokuba usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Maningakhohliswa ngabaphrofethi benu abaphakathi kwenu, nababhuli benu, ningawalaleli amaphupho enu eniwaphuphayo. Ngokuba baphrofetha amanga kini, egameni lami, Mina angibathumanga,” kusho uSimakade. Usho kanje uSimakade, uthi: “Uma sekuphele iminyaka engama-70 niseBhabhele, ngiyakunikhumbula, ngilifeze kini izwi lami elihle, ngokunibuyisela kule ndawo. Ngokuba Mina ngiyawazi amacebo enginawo ngani,” kusho uSimakade, “amacebo okuba nibe nenhlalakahle, hhayi awokunilimaza, awokuninika ikusasa nethemba. Niyakungibiza, nize nikhuleke kimi, ngiyakunizwa. Niyakungifuna, ningifumane, lapho ningifunisisa ngenhliziyo yenu yonke. Ngiyakufunyanwa yinina,” kusho uSimakade, “ngiyakukuqeda ukuthunjwa kwenu, nginiqoqe kuzo zonke izizwe nasezindaweni zonke lapho nginixoshele khona, nginibuyisele endaweni enganisusa kuyo nganiyisa ekuthunjweni,” kusho uSimakade.

UJeremiya 29:1-14 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Nanka amazwi encwadi uJeremiya, umprofethi, ayithumayo eseJerusalema kuyo insali yamalunga athunjiweyo, nakubapristi, nakubaprofethi, nakubo bonke abantu ayebathumbile uNebukadinesari eJerusalema, wabayisa eBabele, sebesukile uJekoniya inkosi, nendlovukazi, nabathenwa, nezikhulu zakwaJuda nezaseJerusalema, nezinyanga zomsebenzi, nabakhandi eJerusalema, ngesandla sika-Eleyasa indodana kaShafani noGemariya indodana kaHilikiya abathunywa nguSedekiya, inkosi yakwaJuda, eBabele kuNebukadinesari inkosi yaseBabele, athi: Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, kubo bonke abathunjwa engibenzile ukuba bathunjwe eJerusalema, bayiswe eBabele, uthi: “Yakhani izindlu, nihlale kuzo; tshalani amasimu, nidle izithelo zawo; thathani abafazi, nizale amadodana namadodakazi; thathelani amadodana enu abafazi, nendise amadodakazi enu emadodeni ukuba azale amadodana namadodakazi, nande khona, ninganciphi. Funani ukuthula komuzi lapho nginithumbele khona, niwukhulekele kuJehova, ngokuba ekuthuleni kwawo niyakuba nokuthula.” Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Maningakhohliswa ngabaprofethi abaphakathi kwenu nababhuli benu, ningawalaleli amaphupho enu eniwaphuphayo. Ngokuba baprofetha amanga egameni lami; angibathumanga,” usho uJehova. Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: “Lapho iminyaka engamashumi ayisikhombisa isiphelile eBabele, ngiyakunihambela, ngiqinise phezu kwenu izwi lami elihle ngokunibuyisela kule ndawo. Ngokuba ngiyazi mina imicabango engiyicabanga ngani,” usho uJehova, “imicabango yokuthula kungengeyobubi ukuba ngininike isikhathi esizayo nethemba. Niyakungibiza, niye ukukhuleka kimi, ngiyakunizwa. Niyakungifuna, ningifumane, lapho ningifunisisa ngenhliziyo yenu yonke. Ngiyakufunyanwa yinina,” usho uJehova, “ngibuyise ukuthunjwa kwenu, nginibuthe ezizweni zonke nasezindaweni zonke lapho nginixoshele khona,” usho uJehova, “nginibuyisele endaweni enganenza ukuba nithunjwe kuyo.”

UJeremiya 29:1-14 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Lawa angamazwi encwadi umprofethi uJeremiya ayithumela eJerusalema ensalini yamalunga athunjwa, nakubapristi, nakubaprofethi, nakubantu bonke uNebukadinesari abathumba eJerusalema eBhabhiloni; (Ngemva kwalokho inkosi uJekoniya, nendlovukazi, nabathenwa, nezikhulu zakwaJuda nezaseJerusalema, nababazi nabakhandi baphuma eJerusalema;) ngesandla sika-Elasa, indodana kaShafani, noGemariya indodana kaHilikiya, uSedekiya, inkosi yakwaJuda, abathumela eBabele kuNebukadinesari, inkosi yaseBabele, wathi: Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, kubo bonke abathunjwa engibathumbile eJerusalema, ngabayisa eBabele; Yakhani izindlu, nihlale kuzo; tshalani izivande, nidle izithelo zazo; Thathani abafazi, nizale amadodana namadodakazi; nithathele amadodana enu abafazi, ninike amadodakazi enu amadoda, azale amadodana namadodakazi; ukuze nande khona, ninganciphi. Nifune ukuthula komuzi enganiyisa kuwo njengabathunjwa, niwuthandazele kuJehova; ngoba ekuthuleni kwalo lizakuba lokuthula. Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Maningakhohliswa abaprofethi benu nabathakathi benu abaphakathi kwenu, ningawalaleli amaphupho enu eniwaphuphayo. Ngokuba baprofetha amanga kini ngegama lami; angibathumanga, usho uJehova. Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: “Emva kokuba iminyaka engamashumi ayisikhombisa isiphelile eBabele, ngiyakunibheka, ngiligcwalise izwi lami elihle ngokunibuyisela kule ndawo. Ngokuba ngiyazi mina imicabango engiyicabangayo ngani,” usho uJehova, “imicabango yokuthula, kungabi ngeyokubi ukuba ngininike ithemba. Khona niyakungibiza, nihambe, nikhuleke kimi, ngiyakunilalela; Niyakungifuna, ningifumane, lapho ningifuna ngenhliziyo yenu yonke. Ngiyakufunyanwa kini, usho uJehova; ngiyakukubuyisa ukuthunjwa kwenu, nginibuthe ezizweni zonke nasezindaweni zonke lapho enginixoshele khona,” usho uJehova; ngizalibuyisela endaweni lapho enganithumbela khona.