EkaJokobe 4:1-17

EkaJokobe 4:1-17 CZB24

Zivelaphi izimpi nokulwa phakathi kwenu na? Aziphumi yini lapha ezinkanukweni zenu ezilwa ezithweni zenu na? Niyafisa, ningabi nalutho; Niyacela, kepha anikwamukeli, ngokuba nicela kabi, ukuze nikusebenzise ezinkanukweni zenu. Ziphingi neziphingi, anazi yini ukuthi ubungane bezwe bungubutha kuNkulunkulu? ngakho loba ngubani othanda ukuba ngumngane welizwe uyisitha sikaNkulunkulu. Ingabe nithi umbhalo usho ngeze ukuthi: “UMoya ohlezi kithi uhahela umhawu na? Kodwa ubapha umusa owengeziwe. Ngalokho uthi: “UNkulunkulu umelana nabazidlayo, kepha abathobekileyo ubapha umusa. Ngakho zehliseleni kuNkulunkulu. Melanani noSathane, khona uyakunibalekela; Sondelani kuNkulunkulu, laye uzasondela kini. Hlambululani izandla nina zoni; nihlanze izinhliziyo zenu nina eninhliziyombili. Yibani lusizi, nilile, nikhale; ukuhleka kwenu makuphenduke ukulila, nokujabula kwenu kube ukudabuka. Zithobeni phambi kweNkosi, njalo izaliphakamisa. Lingakhulumi kubi, bazalwane. Ohlambalaza umzalwane wakhe, ahlulele umzalwane wakhe, ukhuluma kabi ngomthetho, wahlulela umthetho; Munye ummisimthetho, onamandla okusindisa nokubhubhisa; ungubani wena owahlulela omunye na? Manje-ke nina enithi: Namuhla noma kusasa siyakuya emzini onjalo, futhi sihlale khona umnyaka, sithenge, sithengise, sizuze; Kalikwazi okuzakwenzeka kusasa. Ngoba iyini impilo yakho? Kungumhwamuko obonakala isikhashana, bese unyamalala. Ngokuba nifanele ukuthi: Uma iNkosi ithanda, siyakuphila, senze lokhu nalokhuya. Kepha manje niyazibonga ngokuzigabisa kwenu; konke ukuzibonga okunjalo kubi. Ngakho-ke kokwaziyo ukwenza okuhle kodwa angakwenzi, kuye kuyisono.