EkaJakobe 4:1-17

EkaJakobe 4:1-17 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Zivelaphi izimpi nokulwa phakathi kwenu na? Aziphumi yini lapha ezinkanukweni zenu ezilwa ezithweni zenu na? Niyafisa, ningabi nalutho; Niyacela, kepha anikwamukeli, ngokuba nicela kabi, ukuze nikusebenzise ezinkanukweni zenu. Ziphingi neziphingi, anazi yini ukuthi ubungane bezwe bungubutha kuNkulunkulu? ngakho loba ngubani othanda ukuba ngumngane welizwe uyisitha sikaNkulunkulu. Ingabe nithi umbhalo usho ngeze ukuthi: “UMoya ohlezi kithi uhahela umhawu na? Kodwa ubapha umusa owengeziwe. Ngalokho uthi: “UNkulunkulu umelana nabazidlayo, kepha abathobekileyo ubapha umusa. Ngakho zehliseleni kuNkulunkulu. Melanani noSathane, khona uyakunibalekela; Sondelani kuNkulunkulu, laye uzasondela kini. Hlambululani izandla nina zoni; nihlanze izinhliziyo zenu nina eninhliziyombili. Yibani lusizi, nilile, nikhale; ukuhleka kwenu makuphenduke ukulila, nokujabula kwenu kube ukudabuka. Zithobeni phambi kweNkosi, njalo izaliphakamisa. Lingakhulumi kubi, bazalwane. Ohlambalaza umzalwane wakhe, ahlulele umzalwane wakhe, ukhuluma kabi ngomthetho, wahlulela umthetho; Munye ummisimthetho, onamandla okusindisa nokubhubhisa; ungubani wena owahlulela omunye na? Manje-ke nina enithi: Namuhla noma kusasa siyakuya emzini onjalo, futhi sihlale khona umnyaka, sithenge, sithengise, sizuze; Kalikwazi okuzakwenzeka kusasa. Ngoba iyini impilo yakho? Kungumhwamuko obonakala isikhashana, bese unyamalala. Ngokuba nifanele ukuthi: Uma iNkosi ithanda, siyakuphila, senze lokhu nalokhuya. Kepha manje niyazibonga ngokuzigabisa kwenu; konke ukuzibonga okunjalo kubi. Ngakho-ke kokwaziyo ukwenza okuhle kodwa angakwenzi, kuye kuyisono.

EkaJakobe 4:1-17 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Zivelaphi izimpi nokulwa phakathi kwenu na? Akuveli yini ezinkanukweni zenu ezilwayo ezithweni zenu na? Niyafisa, kodwa aninalutho. Niyabulala, ninomhawu, kepha anizuzi lutho; niyalwa, nidala izimpi. Aninalutho ngoba aniceli. Niyacela, kodwa anamukeliswa, ngokuba nicela kabi, ukuze nikusaphaze ezinkanukweni zenu. Ziphingi, anazi yini ukuthi ukuthanda izwe kungubutha kuNkulunkulu na? Ngakho-ke lowo othanda ukuba ngumngani wezwe, uzenza isitha sikaNkulunkulu. Nicabanga ukuthi kuyize yini lokhu okushiwo wumbhalo, othi: “Umoya awubeka kithi uwunxanela ngomhawu” na? Kepha unikeza umusa kakhulu ngakho, uthi: “UNkulunkulu umelana nabazidlayo, kodwa abathobekileyo ubapha umusa.” Ngakho-ke thobelani uNkulunkulu, nimelane noSathane, khona eyakunibalekela. Sondelani kuNkulunkulu, naye uyakusondela kini. Hlanzani izandla, nina zoni, nihlambulule izinhliziyo, nina bonhliziyombili. Yibani lusizi, nibubule, nikhale; ukuhleka kwenu makuphenduke ukububula, nokujabula kube ngukujabha. Zithobeni ebusweni beNkosi, khona iyakuniphakamisa. Bazalwane, ningakhulumi okubi omunye ngomunye. Okhuluma okubi ngomunye noma ahlulele omunye, ukhuluma okubi ngomthetho futhi wehlulela umthetho. Uma wehlulela umthetho, awusiye owenza okomthetho kodwa ungumehluleli. Munye oshaya umthetho nongumehluleli, nguYena onamandla okusindisa nokubhubhisa. Pho-ke ungubani wena owehlulela umakhelwane wakho na? Wozani manje nina enithi: “Namuhla noma ngomuso sizakuya kulo muzi noma kulowaya, sihlale khona kuze kuphele unyaka, sihwebelane, sithole inzuzo.” Kepha anilazi ikusasa ukuthi liniphatheleni nokuthi impilo yenu iyakuba yini na? Ngokuba niyinkungu ebonakala isikhashana bese iyanyamalala. Empeleni ngabe nithi: “Uma iNkosi ithanda, siyakuphila, senze lokhu nalokhuya.” Kepha manje niyazigabisa nina; konke ukuzigabisa okunjalo kubi. Ngakho-ke lowo okwaziyo okuhle okumele akwenze, kodwa angakwenzi, wenza isono.

EkaJakobe 4:1-17 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Zivelaphi izimpi, nokulwa kuvelaphi phakathi kwenu na? Akuveli yini lapho ezinkanukweni zenu ezilwayo ezithweni zenu na? Niyafisa, nokho aninalutho; niyabulala ninomhawu, nokho anizuzi lutho; niyalwa nenza impi. Aninalutho, ngokuba ningaceli; niyacela, nokho anamukeliswa, ngokuba nicela kabi, ukuze nikuchithele ezinkanukweni zenu. Ziphingi, anazi yini ukuthi ukuthanda izwe kungubutha kuNkulunkulu na? Ngakho lowo othanda ukuba ngumhlobo wezwe, umi eyisitha sikaNkulunkulu. Niyacabanga yini ukuthi umbhalo usho ngeze ukuthi: “Umoya awuhlalisa kithi unxanela ngokomhawu,” na? Kodwa unika umusa ngokwenezela; ngakho uthi: “UNkulunkulu umelana nabazidlayo, kepha abathobekileyo ubapha umusa.” Ngakho thobelani uNkulunkulu, kepha nimelane noSathane, khona uyakunibalekela; sondelani kuNkulunkulu, khona uyakusondela kinina. Hlanzani izandla nina zoni, nihlambulule izinhliziyo nina bonhliziyombili. Yibani lusizi, nidabuke, nikhale; ukuhleka kwenu makuphenduke ukudabuka, nokujabula kube ngukujabha. Zithobeni ebusweni beNkosi, khona iyakuniphakamisa. Ningahlebani, bazalwane. Ohleba umzalwane, noma ahlulele umzalwane wakhe, uhleba umthetho, ahlulele umthetho; kepha uma wahlulela umthetho, awusiye owenza okomthetho kodwa ungumahluleli. Munye ongummisimthetho nomahluleli; nguyena onamandla okusindisa nokubhubhisa; kepha ungubani wena omahlulelayo umakhelwane na? Minani nina enithi: “Namuhla noma ngomuso siyakuya kulona noma kulowaya muzi, siqede khona umnyaka, sithengiselane, sizuze,” anikwazi okwangomuso; kuyini ukuphila kwenu na? Ngokuba niyinkungu ebonakala isikhashana, ibisinyamalala. Nga nisho nithi: “Uma iNkosi ithanda, siphila, siyakwenza lokhu nalokho.” Kepha manje niyazibonga ngokuzigabisa kwenu; konke ukuzigabisa okunjalo kubi. Ngakho owaziyo ukwenza okuhle engakwenzi kuyisono kuye.

EkaJakobe 4:1-17 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)