EkaJokobe 2:8-12

EkaJokobe 2:8-12 CZB24

Uma nigcina umthetho wobukhosi ngokombhalo othi: Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena, nenza kahle; Kepha uma nikhetha abantu, nenza isono, nilahlwa ngumthetho njengabaweqayo. Ngoba lowo ogcina umthetho wonke, kodwa akhubeke kokukodwa, unecala kuyo yonke; Ngoba owathi: Ungafebi, wathi futhi: Ungabulali. Kepha uma ungafebi, kepha ubulala, useqamthetho. Khulumani kanjalo, nenze kanjalo, njengabazakwahlulelwa ngomthetho wenkululeko.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne EkaJokobe 2:8-12