EkaJakobe 2:8-12

EkaJakobe 2:8-12 ZUL59

Kepha uma nigcina umthetho wobukhosi ngokombhalo wokuthi: “Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena,” nenza kahle; kodwa uma nikhetha abantu, nenza isono, nilahlwa ngumthetho njengabaweqayo. Ngokuba ogcina wonke umthetho kepha akhubeke kowodwa, unecala kuyo yonke. Ngokuba yena owathi: “Ungaphingi,” wathi futhi: “Ungabulali,” uma-ke ungaphingi kepha ubulale, ungoweqa umthetho. Khulumani kanjalo, nenze kanjalo njengokufanele abayakwahlulelwa ngomthetho wenkululeko.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne EkaJakobe 2:8-12