EkaJakobe 2:8-12

EkaJakobe 2:8-12 ZUL20

Kepha uma niwugcina umthetho wobukhosi njengokombhalo othi: “Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena,” nenza kahle. Kepha uma nikhetha abantu, nenza isono, umthetho univeza obala njengezephulamthetho. Ngokuba ogcina wonke umthetho, kodwa akhubeke kowodwa nje, unecala kuwo wonke. Ngokuba lowo owathi: “Ungaphingi,” wathi futhi: “Ungabulali,” uma-ke ungaphingi, kodwa ubulala, uyisephulamthetho. Ngakho khulumani kanjalo, nenze kanjalo, njengokufanele abayakwehlulelwa ngomthetho wenkululeko.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne EkaJakobe 2:8-12