EkaJokobe 2:14-19

EkaJokobe 2:14-19 CZB24

Kusizani, bazalwane bami, noma umuntu ethi unokukholwa, kepha engenayo imisebenzi na? ukukholwa kungamsindisa na? Uma umzalwane noma udade behamba ze, beswela ukudla kwemihla ngemihla, Omunye wenu wathi kubo: Hambani ngokuthula, lifudumale, lisuthe; kodwa anibaniki izinto ezidingekayo emzimbeni; kusizani? Kanjalo nokukholwa, uma kungenayo imisebenzi, kufile kukodwa. Yebo, omunye angase athi: Wena unokukholwa, mina nginemisebenzi; ngibonise ukukholwa kwakho ngaphandle kwemisebenzi yakho, nami ngizakukukhombisa ukukholwa kwami ngemisebenzi yami. Wena uyakholwa ukuthi uNkulunkulu munye; wenza kahle; namademoni ayakholwa, athuthumele.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne EkaJokobe 2:14-19