EkaJakobe 2:14-19
EkaJakobe 2:14-19 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kusizani, bazalwane bami, noma umuntu ethi unokukholwa, kepha engenayo imisebenzi na? ukukholwa kungamsindisa na? Uma umzalwane noma udade behamba ze, beswela ukudla kwemihla ngemihla, Omunye wenu wathi kubo: Hambani ngokuthula, lifudumale, lisuthe; kodwa anibaniki izinto ezidingekayo emzimbeni; kusizani? Kanjalo nokukholwa, uma kungenayo imisebenzi, kufile kukodwa. Yebo, omunye angase athi: Wena unokukholwa, mina nginemisebenzi; ngibonise ukukholwa kwakho ngaphandle kwemisebenzi yakho, nami ngizakukukhombisa ukukholwa kwami ngemisebenzi yami. Wena uyakholwa ukuthi uNkulunkulu munye; wenza kahle; namademoni ayakholwa, athuthumele.
EkaJakobe 2:14-19 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kusiza ngani, bazalwane bami, uma umuntu ethi uyakholwa, kepha engenayo imisebenzi na? Ukukholwa kungamsindisa na? Uma umzalwane noma umzalwanekazi ehlubule, eswele ukudla imihla ngemihla, bese omunye wenu ethi kuye: “Hamba ngokuthula, uthokomale; usuthe,” kodwa engamuphi lokho okudingwa ngumzimba, kusiza ngani lokho na? Kanjalo-ke uma ukukholwa kungenayo imisebenzi, kufile ngokwakho. Kepha omunye uyakuthi: “Unokukholwa, mina nginemisebenzi;” ngikhombise ukukholwa kwakho ngaphandle kwemisebenzi, mina ngizakukhombisa ukukholwa kwami ngemisebenzi yami. Uyakholwa ukuthi uNkulunkulu munye na? Wenza kahle; ingani namadimoni ayakholwa, futhi athuthumele.
EkaJakobe 2:14-19 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kusizani, bazalwane bami, uma umuntu ethi unokukholwa, kepha engenayo imisebenzi na? Ukukholwa kungamsindisa na? Uma umzalwane noma umzalwanekazi behamba ze, beswela ukudla kwemihla ngemihla, kusho omunye kini kubo ukuthi: “Hambani nibe nokuthula, nifudumale; nisuthe,” kepha ningabaphi lokho okudingwa ngumzimba, lokhu kusizani na? Kanjalo-ke nokukholwa, uma kungenayo imisebenzi, kufile ngokwakho. Kepha omunye uyakuthi: “Wena unokukholwa, mina nginemisebenzi,” ngibonise ukukholwa kwakho ngaphandle kwemisebenzi, nami ngizakukukhombisa ukukholwa ngemisebenzi yami. Wena uyakholwa ukuthi uNkulunkulu munye na? Wenza kahle; namademoni ayakholwa, athuthumele.
EkaJakobe 2:14-19 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)