UJehova waphinda wakhuluma ku-Ahazi, wathi: Cela isibonakaliso kuJehova uNkulunkulu wakho; buza ekujuleni loba ekuphakameni phezulu. Kepha u-Ahazi wathi: “Angiyikucela, futhi angiyikumlinga uJehova.” Wasesithi: Lalela, wena ndlu kaDavida! Kuyinto encane kini ukukhathaza abantu, kodwa nizokhathala noNkulunkulu wami? Ngakho-ke iNkosi uqobo izakunika isibonakaliso; Bheka, intombi iyakukhulelwa, izale indodana, iyibize ngokuthi u-Imanuweli. Kufanele adle ibhotela noju lwezinyosi, ukuze akwazi ukwala okubi akhethe okuhle.
Funda U-Isaya 7
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: U-Isaya 7:10-15
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo