U-Isaya 65:17-25

U-Isaya 65:17-25 CZB24

Ngokuba bhekani, ngiyadala amazulu amasha nomhlaba omusha, futhi okokuqala ngeke kucatshangwe noma kufike emqondweni. Kodwa thokozani, lethabe kuze kube nininini ngengikudalayo; Ngiyakwethaba ngeJerusalema, ngethabe ngabantu bami; Ngeke kusaba khona usana lwezinsuku, noma ixhegu elingakazigcwalisi izinsuku zalo; ngoba umfana uyakufa eleminyaka eyikhulu; kepha isoni esineminyaka eyikhulu siyakuqalekiswa. Bayokwakha izindlu bahlale kuzo; bayakutshala izivini, badle izithelo zazo. Abayikwakha, bahlale kwelinye; abayikutshala, badle esinye, ngokuba njengezinsuku zomuthi ziyakuba njalo izinsuku zabantu bami, nabakhethiweyo bami bayakuthokozela umsebenzi wezandla zabo. Abayikushikashikela ize, bazalele izinhlupheko; ngokuba bayinzalo yababusisiweyo bakaJehova, nenzalo yabo inabo. Kuyothi bengakangibizi, ngiphendule; kuthi besakhuluma, ngizwe. Impisi newundlu kuyakudla ndawonye, ingonyama idle utshani njengenkunzi, nothuli lube yinyama yenyoka. Aziyikwenza okubi, zingachithi kuyo yonke intaba yami engcwele,” usho uJehova.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo