U-Izaya 65:17-25

U-Izaya 65:17-25 ZUL20

“Ngokuba bheka, ngiyakudala izulu elisha nomhlaba omusha; izinto zakuqala aziyukukhunjulwa, azinakuvuka enhliziyweni. Kodwa jabulani nethabe kuze kube phakade ngalokho engizakukudala, ngokuba ngizakulenza iJerusalema libe ngukwethaba, nabantu balo babe yinjabulo. Ngiyakwethaba ngeJerusalema, ngijabule ngabantu bami, akuseyukuzwakala kulo izwi lokulila nezwi lokukhala. “Kusukela lapho akusayukuba khona usana oluyophila izinsukwana, nexhegu elingazigcwalisanga izinsuku zalo, ngokuba oyakufa eneminyaka eyikhulu yobudala, uyothathwa njengobesemusha; nalowo ofa engayihlanganisanga iminyaka eyikhulu, kuyakuthiwa uqalekisiwe. Bayokwakha izindlu, bahlale kuzo, batshale izivini, badle izithelo zazo. Abayukwakha, bese kuhlala omunye; abayukutshala, bese kudla omunye, ngokuba izinsuku zabantu bami ziyokuba njengezinsuku zomuthi; abakhethiweyo bami bayowuthokozela isikhathi eside umsebenzi wezandla zabo. Abayukushikashikela ize, noma bazale izingane bezizalela ukuhlupheka, ngokuba bayizizukulwane zababusisiweyo bakaSimakade, kanjalo nabantwana babo. Kuyakuthi bengakangibizi, ngibaphendule; besakhuluma, ngiyokuzwa. Inkentshane liyakudla ndawonye newundlu, ingonyama idle utshani njengenkomo, uthuli lube ngukudla kwenyoka; akuyukulimazana, akuyukucekelana phansi kuyo yonke intaba yami engcwele,” kusho uSimakade.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo