U-Isaya 60:1-3

U-Isaya 60:1-3 CZB24

Vuka, ukhanye; ngoba ukukhanya kwakho kufikile, lenkazimulo yeNKOSI iphuma phezu kwakho. Ngokuba bheka, ubumnyama buyakusibekela umhlaba, nobumnyama abantu; kepha uJehova uyakuphakama phezu kwakho, inkazimulo yakhe ibonakale phezu kwakho. Abezizwe bayakuza ekukhanyeni kwakho, namakhosi ekukhazimuleni kokuvuka kwakho.