Kodwa lalela manje, nceku yami Jakobe! no-Israyeli engimkhethileyo. Usho kanje uJehova owakudalayo, wakubumba kwasesiswini, yena oyakusiza; Ungesabi, Jakobe, nceku yami; nawe Jeshuruni, engikukhethileyo. Ngokuba ngiyakuthela amanzi phezu kowomileyo, nemifudlana emhlabathini owomileyo; ngiyakuthulula uMoya wami enzalweni yakho nesibusiso sami phezu kwenzalo yakho. Bayakuhluma phakathi kotshani, njengeminyezane ngasemifuleni yamanzi. Omunye uyakuthi: “NgingokaJehova; omunye uzambiza ngebizo likaJakobe; futhi omunye kumelwe asayine uJehova ngesandla sakhe futhi ambize ngegama lika-Israyeli.
Funda U-Isaya 44
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: U-Isaya 44:1-5
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo