U-Isaya 44:1-5

U-Isaya 44:1-5 ZUL59

“Kepha yizwa manje, Jakobe, nceku yami, wena Israyeli engikukhethileyo. Usho kanje uJehova owakudalayo, wakubumba kwasesiwini, oyakukusiza, uthi: Ungesabi, Jakobe, nceku yami, wena Jeshuruni engikukhethileyo. Ngokuba ngiyakuthela amanzi phezu kokomileyo, nezikhukhula phezu kokushileyo, ngithulule uMoya wami phezu kwenzalo yakho, nesibusiso sami phezu kwabantwana bakho; bayakuhluma phakathi kotshani njengeminyezane ngasemifudlaneni yamanzi. Omunye uyakuthi: ‘NgingokaJehova;’ omunye uyakuzibiza ngegama likaJakobe, omunye azilobele uJehova esandleni sakhe, azidumise ngegama lika-Israyeli.”