U-Isaya 43:16-19

U-Isaya 43:16-19 CZB24

Usho kanje uJehova, owenza indlela elwandle, nendlela emanzini anamandla; okhipha inqola, nehhashi, nempi, namandla; bayakulala phansi kanyekanye, abayikuvuka; Ningacabangi ngezinto zakuqala, ningacabangi ngezinto zasendulo. Bheka, ngiyakwenza okusha; manje liyakuhluma; ubungeke ukwazi? Ngiyakwenza indlela ehlane nemifula ogwadule.