U-Isaya 43:16-19

U-Isaya 43:16-19 ZUL59

Usho kanje uJehova owenza indlela elwandle, nomkhondo emanzini anamandla, okhipha izinqola namahhashi, impi namandla; kuyalala kanyekanye, akusenakuvuka; kucishile, kucinyiwe njengomongo. “Ningakhumbuli izinto zakuqala, ningazindli ngezindaba zasendulo. Bhekani, ngiyakwenza okusha; kuyakuqhamuka manje, angithi niyakwazi na? Yebo, ngiyakwenza indlela ehlane nemifula kwahlongasibi.