U-Isaya 30:15-21

U-Isaya 30:15-21 CZB24

Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova, oNgcwele ka-Israyeli, ithi: Ngokubuya nokuphumula niyakusindiswa; ekuthuleni nasekuthembeni kuyakuba amandla enu, kepha anivumanga. Kodwa lathi: Hatshi; ngoba siyakubaleka ngamahhashi; ngalokho niyakubaleka, nithi: Siyakugibela abanejubane; ngalokho abakusukelayo bayakuba ngamawala. Abayinkulungwane bayakubalekela ukusolwa koyedwa; niyakubaleka esijezisweni sabahlanu, nize nihlale njengesibani esiqongweni sentaba nanjengebhanela egqumeni. Ngalokho uJehova uyakulinda ukuba abe nesihe kini, ngalokho uyakuphakanyiswa, abe nomusa kini; ngokuba uJehova unguNkulunkulu wokwahlulela; babusisiwe bonke abamlindileyo. Ngokuba izizwe ziyakuhlala eSiyoni eJerusalema; ungabe usakhala; uma ekuzwa, uyakuphendula. Noma uJehova eninika isinkwa sokuhlupheka namanzi osizi, abafundisi benu abasayikuntengantenga ekhoneni, kodwa amehlo enu ayobabona abafundisi benu. Izindlebe zakho ziyakuzwa izwi emva kwakho lithi: Nansi indlela, hambani ngayo, lapho niphambuka ngakwesokunene, nalapho niphambuka ngakwesokhohlo.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne U-Isaya 30:15-21