U-Isaya 30:15-21

U-Isaya 30:15-21 ZUL59

Ngokuba yasho njalo iNkosi uJehova, oNgcwele ka-Israyeli, yathi: “Niyakusindiswa ngokuphenduka nangokuphumula, amandla enu abe ngukuthula nangokwethemba; kepha anithandanga. Kodwa nasho nathi: ‘Qha, siyakubaleka ngamahhashi,’ ngalokho niyakubaleka: ‘Sikhwele anejubane,’ ngalokho abanixoshayo bayakuba nejubane. Inkulungwane iyakubaleka ngokusongela koyedwa; ngokusongela kwaba yisihlanu niyakubaleka, nize nishiywe njengensika esiqongweni sentaba nanjengebhanela* phezu kwegquma.” Ngalokho uJehova uyakulindela ukuba abe nomusa kini; nangalokhu uyakuphakama ukuba abe nesihe kini, ngokuba uJehova unguNkulunkulu wokwahlulela; babusisiwe bonke abamhlalelayo. Ngokuba wena sizwe esakhe eSiyoni eJerusalema ungabe usakhala nokukhala; uyakuba nomusa impela kuwe ngezwi lokudazuluka kwakho; lapho elizwa, uyakuphendula. Noma iNkosi iyakukunika isinkwa sosizi namanzi okuhlupheka, abafundisi bakho abasayikucasha, kodwa amehlo akho ayakubabona abafundisi bakho, nezindlebe zakho ziyakuzwa izwi emva kwakho, lithi: “Nansi indlela; hambani ngayo,” noma niphambuka ngakwesokunene, noma niphambuka ngakwesokhohlo.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne U-Isaya 30:15-21