KumaHeberu 13:5-9

KumaHeberu 13:5-9 CZB24

Inkulumo yenu mayingabi-kuhaha; yaneliswani ngalokho eninakho, ngokuba ushilo ukuthi: ‘Angisoze ngakushiya, angisoze ngakushiya. Ukuze singasho ngesibindi sithi: INkosi ingumsizi wami, angesabi umuntu angangenzani. Khumbulani abaniholayo, abakhulume izwi likaNkulunkulu kini, niqonda ukuphela kokuhamba kwabo, nilingise ukukholwa kwabo. UJesu Kristu unguye izolo, nanamuhla, naphakade. Ningahujwa yizimfundiso eziyizinhlobonhlobo nezingaziwayo. Ngokuba kuhle ukuthi inhliziyo iqiniswe ngomusa; kungeyisikho ngokudla, abangazuzanga ngakho abahlezi kukho.