KumaHebheru 13:5-9

KumaHebheru 13:5-9 ZUL20

Maningaphili ngokuthanda imali, yaneliswani ngeninakho, ngokuba Yena ushilo wathi: “Angisoze ngakulahla, futhi angisoze ngakushiya,” ukuze sisho ngesibindi, sithi: “INkosi ingumsizi wami, angiyukwesaba; umuntu angangenzani na?” Khumbulani ababenihola, bekhuluma izwi likaNkulunkulu; nazi umphumela wokuhamba kwabo, nilingise ukukholwa kwabo. UJesu Khristu nguYena izolo, nanamuhla, yebo, naphakade. Ningadukiswa yizimfundiso ezehlukahlukeneyo nezingaziwayo, ngokuba kuhle ukuba inhliziyo iqiniswe ngomusa, kungabi ngokudla okungabasizanga nalabo abaphila ngakho.