Maningaphili ngokuthanda imali, yaneliswani ngeninakho, ngokuba Yena ushilo wathi: “Angisoze ngakulahla, futhi angisoze ngakushiya,” ukuze sisho ngesibindi, sithi: “INkosi ingumsizi wami, angiyukwesaba; umuntu angangenzani na?” Khumbulani ababenihola, bekhuluma izwi likaNkulunkulu; nazi umphumela wokuhamba kwabo, nilingise ukukholwa kwabo. UJesu Khristu nguYena izolo, nanamuhla, yebo, naphakade. Ningadukiswa yizimfundiso ezehlukahlukeneyo nezingaziwayo, ngokuba kuhle ukuba inhliziyo iqiniswe ngomusa, kungabi ngokudla okungabasizanga nalabo abaphila ngakho.
Funda KumaHebheru 13
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: KumaHebheru 13:5-9
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo