UJosefa wayesethi kubafowabo: “Sondelani kimi.” Base besondela. Wathi: “Ngingumfowenu uJosefa enathengisa ngaye eGibithe.” Manje ningabi lusizi, ningazithukutheleli ukuthi nathengisa ngami lapha, ngokuba uNkulunkulu wangithuma phambi kwenu ukulondoloza ukuphila. Kule minyaka emibili kwakukhona indlala ezweni, futhi kuseneminyaka emihlanu okungayikuvuna ngayo noma kuvunwe. UNkulunkulu wangithuma phambi kwenu ukuba nginigcinele inzalo emhlabeni, ngisindise ukuphila kwenu ngokukhululwa okukhulu. Manje akunina ongithume lapha, kodwa uNkulunkulu; wangimisa ngaba nguyise kuFaro, nombusi wendlu yakhe yonke, nombusi ezweni lonke laseGibithe.
Funda UGenesise 45
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: UGenesise 45:4-8
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo