UJosefa wathi kubafowabo: “Sondelani kimi.” Basondela, wayesethi kubo: “NginguJosefa umfowenu, enathengisa ngaye eGibhithe. Manje ningabe nisakhathazeka, futhi ningazisoli ngokuthi nangidayisa, ngokuba nguNkulunkulu owangithumela ukuba nginandulele ukuze ngilonde impilo. Niyayibona le ndlala ekhona ezweni isathathe iminyaka emibili, isazoqhubeka eminye emihlanu kungalinywa, kungavunwa. UNkulunkulu wangithuma ukunandulela ukuze nibe yinsali emhlabeni, nisindiswe, kukhululwe abaningi. Ngakho-ke akunina enangithuma lapha, kodwa nguNkulunkulu ongenze uyise kaFaro, nombusi ophethe endlini yakhe, naphezu kwezwe lonke iGibhithe.
Funda IGenesisi 45
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: IGenesisi 45:4-8
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo