UGenesise 41:53-57

UGenesise 41:53-57 CZB24

Yaphela iminyaka eyisikhombisa yenala eyayisezweni laseGibithe. Iminyaka eyisikhombisa yendlala yayisiqala ukufika, njengokusho kukaJosefa; kepha ezweni lonke laseGibithe kwakukhona isinkwa. Izwe lonke laseGibithe labulawa yindlala, abantu bakhalela ukudla kuFaro; uFaro wathi kubo bonke abaseGibithe: “Yanini kuJosefa; yenza lokho akutshela khona. Indlala yaba phezu komhlaba wonke; uJosefa wavula zonke iziphala, wathengisela amaGibhithe; indlala yaba nzima ezweni laseGibithe. Amazwe onke afika kuJosefa eGibithe ukuthenga ukolweni; ngoba indlala yayinzima emazweni wonke.