Iminyaka eyisikhombisa yenala eyayisezweni laseGibithe yaphela. Iminyaka eyisikhombisa yendlala yayisiqala ukufika, njengalokho eshilo uJosefa; kwakuyindlala emazweni onke; kepha ezweni lonke laseGibithe ukudla kwakukhona. Kwathi selilambile izwe lonke laseGibithe, abantu bakhala kuFaro ngokudla; uFaro wathi kubo bonke abaseGibithe: “Yanini kuJosefa; lokho anitshela khona, nikwenze.” Indlala yayisebusweni bezwe lonke; uJosefa wavula zonke izinqolobane, wathengisela abaseGibithe; indlala yayinzima ezweni laseGibithe. Amazwe onke afika kuJosefa eGibithe ukuyothenga amabele, ngokuba indlala yayinzima emhlabeni wonke.
Funda UGenesise 41
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: UGenesise 41:53-57
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo