UGenesise 3:6-7

UGenesise 3:6-7 CZB24

Owesifazane ebona ukuthi umuthi wawulungele ukudliwa, nokuthi uyabukeka emehlweni, nomuthi onxanelekayo ukuhlakaniphisa, wathatha isithelo sawo, wadla, wanika indoda yakhe; wadla. Ayesevuleka amehlo abo bobabili, babona ukuthi bahamba ze; basebethunga amaqabunga omkhiwane, bazenzela izigqoko.