Wathi: “Impela ngiyakubuyela kuwe ngesikhathi sokuphila; bheka, umkakho uSara uzakuba nendodana. USara wezwa ngasemnyango wetende elingasemva kwakhe. U-Abrahama noSara base bebadala, sebekhulile; kwase kunqamuka ukuba kuSara njengabesifazane. USara wahleka phakathi kwakhe, wathi: “Ngingajabula yini lapho sengimdala, nenkosi yami isindala na?” INkosi yasisithi kuAbrahama: Kungani uSara ehleka esithi: Isibili ngizazala umntwana oseluphele? Kukhona okunzima yini eNkosini? Ngesikhathi esimisiwe ngizabuyela kuwe, ngesikhathi sokuphila, njalo uSara uzakuba lendodana.
Funda UGenesise 18
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: UGenesise 18:10-14
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo