Wayesethi: “Impela ngiyakubuyela kuwe emva komnyaka ngalesi sikhathi; bheka, khona umkakho uSara uyakuba nendodana.” USara wakuzwa lokhu esemnyango wetende ongasemva kwakhe. Kepha o-Abrahama noSara base begugile, beneminyaka eminingi; kwase kuphelile kuSara okwabesifazane. USara wahleka phakathi kwakhe, wathi: “Lapho sengimdala, nenkosi yami igugile, ngiyakuba nalenjabulo na?” UJehova wathi ku-Abrahama: “Uhlekeleni uSara, ethi: ‘Imbala ngizakuzala ngimdala na?’ Kukhona into emahlula uJehova na? Ngalesi sikhathi emva komnyaka ngiyakubuyela kuwe, uSara abe nendodana.”
Funda UGenesise 18
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: UGenesise 18:10-14
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo