UGenesise 14:11-16

UGenesise 14:11-16 CZB24

Base bethatha yonke impahla yaseSodoma neGomora kanye nakho konke ukudla kwabo bamuka. Bamthatha uLoti, indodana yomfowabo ka-Abrama, owayehlala eSodoma, nempahla yakhe, bamuka. Kwasekufika okhululiweyo, wabikela uAbrama umHebheru; ngokuba wayehlala e-okini kaMamre umAmori, umfowabo ka-Eshikoli nomfowabo ka-Anere; futhi bahlobana no-Abrama. U-Abrama esezwile ukuthi umfowabo ubotshiwe, wawahlomisa amadoda akhe aqeqeshiweyo, azalelwe endlini yakhe, amakhulu amathathu neshumi nesishiyagalombili, wabaxosha kwaze kwaba kwaDan. Wabahlukanisela ebusuku, yena nezinceku zakhe, wabanqoba, wabaxosha kwaze kwaba seHoba elingakwesokhohlo saseDamaseku. Wazibuyisa zonke izimpahla, wambuyisa noLoti umfowabo, nempahla yakhe, nabesifazane, nabantu.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne UGenesise 14:11-16