IGenesisi 14:11-16

IGenesisi 14:11-16 ZUL20

Amakhosi ayiphanga yonke impahla yaseSodoma, neyaseGomora nakho konke ukudla, ahamba nakho. Amthumba noLothi, indodana yomfowabo ka-Abhrama, owayehlala eSodoma nempahla yakhe bemuka naye. Kwafika ophume ngesamagundwane isabambene, wabikela u-Abhrama umHebheru, owayakhe eduze kwezihlahla ezinkulu zemi-okhi eMamre, umu-Amori, umfowabo ka-Eshikholi no-Aneri, ababenze isivumelwano no-Abhrama. Kuthe angezwa u-Abhrama ukuthi isihlobo sakhe sithunjiwe, wayesekhipha amadoda angama-318 ayeqeqeshelwe impi, ezalelwe emzini wakhe, wahamba nawo; bayixosha eyesitha baze bayofika kwaDani. Kwathi ebusuku u-Abhrama wawehlukanisa phakathi amadoda ayehamba nawo, ayithelekela nxazonke eyezitha; ayidudula aze ayithela eHobha enyakatho neDamaseku. Wayithola yonke impahla kaLothi, wabuya naye uLothi, isihlobo sakhe, nabanye abantu nabesifazane.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne IGenesisi 14:11-16