UGenesise 1:26-31

UGenesise 1:26-31 CZB24

UNkulunkulu wathi: Masenze abantu ngomfanekiso wethu, basifuze, babuse phezu kwezinhlanzi zolwandle, phezu kwezinyoni zezulu, naphezu kwezinkomo, naphezu kwazo zonke izilwane ezinwabuzelayo emhlabeni wonke. UNkulunkulu wamdala umuntu ngomfanekiso wakhe, wamdala ngomfanekiso kaNkulunkulu; wabadala owesilisa nowesifazane. UNkulunkulu wababusisa, wathi kubo: Zalani, nande, nihlale emhlabeni, niwulime. Nibuse phezu kwezinhlanzi zolwandle, nezinyoni zezulu, nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni. UNkulunkulu wathi: Bhekani, ngiyaninika zonke izimila ezithela imbewu, ezisemhlabeni wonke, nemithi yonke ethela izithelo ethela imbewu; kufanele kube ngukudla kini. Kepha zonke izilwane zomhlaba, nezinyoni zonke zezulu, nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni, okukhona kuzo ukuphila, ngazinika zonke izitshalo eziluhlaza zibe ngukudla. Kwenzeka kanje. UNkulunkulu wabheka konke akwenzileyo, wabona ukuthi kwakukuhle kakhulu. Kwahlwa, kwaba kusasa, usuku lwesithupha.