UGenesise 1:20-31

UGenesise 1:20-31 CZB24

UNkulunkulu wathi: “Amanzi mawagcwale uswebezane lwezilwanyana ezinwabuzelayo, nezinyoni ezindiza phezu komhlaba emkhathini wezulu.” UNkulunkulu wenza imikhomo emikhulu nazo zonke izidalwa eziphilayo ezihambayo, amanzi akhiqiza ngobuningi ngezinhlobo zazo, nezinyoni zonke ezinamaphiko ngezinhlobo zazo; uNkulunkulu wabona ukuthi kuhle. UNkulunkulu wazibusisa, wathi: “Zalani, nande, nigcwalise amanzi olwandle, nezinyoni mazande emhlabeni. Kwasekukusihlwa, kusasa kwaba lilanga lesihlanu. UNkulunkulu wathi: “Umhlaba mawuveze izilwane eziphilayo ngezinhlobo zazo: izinkomo, nezilwanyana ezinwabuzelayo, nezilo zomhlaba ngezinhlobo zazo; futhi kwenzeka kanje. UNkulunkulu wazenza izilwane zomhlaba ngezinhlobo zazo, nezinkomo ngezinhlobo zazo, nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni ngezinhlobo zazo; uNkulunkulu wabona ukuthi kuhle. UNkulunkulu wathi: Masenze abantu ngomfanekiso wethu, basifuze, babuse phezu kwezinhlanzi zolwandle, phezu kwezinyoni zezulu, naphezu kwezinkomo, naphezu kwazo zonke izilwane ezinwabuzelayo emhlabeni wonke. UNkulunkulu wamdala umuntu ngomfanekiso wakhe, wamdala ngomfanekiso kaNkulunkulu; wabadala owesilisa nowesifazane. UNkulunkulu wababusisa, wathi kubo: Zalani, nande, nihlale emhlabeni, niwulime. Nibuse phezu kwezinhlanzi zolwandle, nezinyoni zezulu, nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni. UNkulunkulu wathi: Bhekani, ngiyaninika zonke izimila ezithela imbewu, ezisemhlabeni wonke, nemithi yonke ethela izithelo ethela imbewu; kufanele kube ngukudla kini. Kepha zonke izilwane zomhlaba, nezinyoni zonke zezulu, nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni, okukhona kuzo ukuphila, ngazinika zonke izitshalo eziluhlaza zibe ngukudla. Kwenzeka kanje. UNkulunkulu wabheka konke akwenzileyo, wabona ukuthi kwakukuhle kakhulu. Kwahlwa, kwaba kusasa, usuku lwesithupha.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne UGenesise 1:20-31

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo