IGenesisi 1:20-31

IGenesisi 1:20-31 ZUL20

UNkulunkulu wathi: “Makugcwale uswebezane lwezidalwa eziphilayo ezinhlobonhlobo emanzini, kundize izinyoni emkhathini.” UNkulunkulu wadala izilo ezinkulu zasolwandle, nezidalwa zonke ezitshuza emanzini ngezinhlobo zazo, nazo zonke ezindizayo ngezinhlobo zazo. UNkulunkulu wakubona ukuthi kuhle. Wazibusisa zonke izidalwa wathi: “Zalanani nande nigcwalise ulwandle.” Nasezinyonini wathi: “Yandani emhlabeni.” Kwahlwa, kwabuye kwasa, kwaba ngusuku lwesihlanu. UNkulunkulu wathi: “Umhlaba mawuveze izinhlobonhlobo zezilwane eziphilayo, ezifuywayo, ezihuquzelayo nezilwane zasendle ngezinhlobo zazo.” Kwaba njalo. UNkulunkulu wenza zonke izilwane zomhlaba ngezinhlobo zazo, nezilwane ezifuywayo ngezinhlobo zazo, nezihuquzelayo ngezinhlobo zazo. UNkulunkulu wakubona ukuthi kuhle. UNkulunkulu wayesethi: “Masenze abantu babe ngumfanekiso wethu, basifuze, babuse phezu kwezinhlanzi zolwandle, izinyoni zezulu, izilwane ezifuywayo, nomhlaba wonke, nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni ngezinhlobo zazo.” UNkulunkulu wamdala umuntu waba ngumfanekiso wakhe, wamenza ukuba afuze Yena, wabadala owesilisa nowesifazane, wababusisa, wathi: “Zalanani nande, nigcwalise umhlaba; niwubuse. Nibuse phezu kwezinhlanzi zolwandle, naphezu kwezinyoni zezulu, nazo zonke izilwane ezinwabuzela emhlabeni.” UNkulunkulu wathi: “Bhekani, ngininika izinhlobo zonke zezitshalo ezithela imbewu ezimila emhlabeni wonke, nezihlahla ezithela izithelo ezinembewu ukuba nikudle. Kepha zonke izilwane zasendle, nazo zonke izinyoni emkhathini, nakho konke okuhuquzelayo emhlabeni, nakho konke okunomphefumulo, ngikunike konke okuluhlaza okumilayo ukuba kukudle.” Kwaba njalo. UNkulunkulu wakubona konke ayekudalile ukuthi kwakukuhle kakhulu. Kwahlwa, kwabuye kwasa, kwaba ngusuku lwesithupha.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne IGenesisi 1:20-31

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo