KwabaseGalathiya 5:1-13

KwabaseGalathiya 5:1-13 CZB24

Ngakho yimani niqinile enkululekweni uKristu asikhulule ngayo, ningabe nisaboshelwa ejokeni lobugqila. Bhekani, mina Pawulu ngithi kini: Uma nisokwa, uKristu akayikunisiza ngalutho. Ngokuba ngiyaphinda ngiyafakaza kumuntu wonke osokayo ukuthi unecala lokwenza umthetho wonke. UKristu uye waba yize kini, nina enilungisiswa ngomthetho; niwile emseni. Ngokuba thina ngoMoya silindele ithemba lokulunga ngokukholwa. Ngokuba kuKristu Jesu ukusoka nokungasoki akulutho; kodwa ukholo olusebenza ngothando. Nigijime kahle; ngubani onivimbele ukuba ningalaleli iqiniso na? Lokhu kuncenga akuveli konibizayo. Imvubelo encane ibilisa inhlama yonke. Ngilethemba ngani eNkosini, ukuthi aniyikucabanga ngenye indlela; Kepha mina, bazalwane, uma ngisashumayela ukusoka, ngisashushiselwani na? khona-ke icala lesiphambano liphelile. Sengathi banganqunywa abanihluphayo; Ngokuba nina, bazalwane, nabizelwa enkululekweni; Kuphela ningasebenzisi inkululeko ibe yithuba enyameni, kodwa khonzanani ngothando.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne KwabaseGalathiya 5:1-13