KwabaseGalathiya 5:1-13

KwabaseGalathiya 5:1-13 ZUL20

UKhristu wasikhulula ukuze sibe ngabakhululekileyo. Ngakho-ke yimani niqine, ningabe nisaboshelwa ejokeni lobugqila. Mina Pawula ngithi kini: uma nisoka, uKhristu akanalusizo lwalutho kini. Ngiyaphinda ngiyafakaza kubantu bonke ukuthi osokayo uphoqelekile ukuba awufeze wonke umthetho. Nahlukene noKhristu nina nonke enifuna ukulungisiswa ngomthetho; niwile emseni. Ngokuba thina, ngaye uMoya, silindele ithemba lokulungisiswa ngokukholwa. KuKhristu ukusoka nokungasoki akusho lutho, kodwa ukukholwa okuvezwa wuthando. Benigijima kahle, pho ngubani onithiyile ukuba ningalilandeni iqiniso na? Lokhu kuhehwa akuveli kulowo owanibizayo. Imvubelo encane iyikhukhumalisa yonke inhlama. Nginethemba ngani eNkosini ukuthi aniyukucabanga ngenye indlela. Kepha noma ngabe ngubani lowo onikhathazayo, uyakuthwala ukwehlulelwa. Kepha mina, bazalwane, uma ngisashumayela ukusoka, pho ngizingelelwani na? Ukuba bekunjalo ngabe sisusiwe isikhubekiso sesiphambano. Sengathi bangazithena bona labo abanihluphayo. Ngokuba nina bazalwane nabizelwa enkululekweni, ningayisebenzisi-ke inkululeko njengezaba zokwenza imisebenzi yenyama, kodwa khonzanani ngothando.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne KwabaseGalathiya 5:1-13