Yilokhu kuphela engifuna ukukufunda kini: Namamukela uMoya ngemisebenzi yomthetho noma ngezwi lokukholwa na? Ingabe niyiziwula kangaka na? seniqale ngoMoya manje senipheleliswe enyameni na? Ingabe nahlupheka kangaka ngeze na? uba kuseyize. Ngakho yena oniphayo uMoya nowenza imisebenzi yamandla phakathi kwenu ukwenza ngemisebenzi yomthetho noma ngezwi lokukholwa na? njengalokho u-Abrahama wakholwa nguNkulunkulu, kwabalelwa kuye ukuthi kungukulunga. Ngakho yazini ukuthi abangabokukholwa yibona abangabantwana bakaAbrahama. Umbhalo ubona ngaphambili ukuthi uNkulunkulu uzakulungisisa abezizwe ngokukholwa, walitshumayela ngaphambili ivangeli kuAbrahama, lokuthi: Izizwe zonke zizabusiswa ngawe. Ngakho-ke abokukholwa bayabusiswa kanye no-Abrahama okholwayo. Ngokuba bonke abemisebenzi yomthetho baphansi kwesiqalekiso, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Baqalekisiwe bonke abangahlali kukho konke okulotshiweyo encwadini yomthetho, ukuba bakwenze. Kodwa ukuthi ngomthetho kakho olungisiswayo phambi kukaNkulunkulu, kusobala, ngoba olungileyo uzaphila ngokukholwa. Nomthetho awusiwo ongowokukholwa, kodwa uthi: Umuntu owenzayo uyakuphila ngakho. UKristu wasihlenga esiqalekisweni somthetho, esenziwe isiqalekiso ngenxa yethu, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Uqalekisiwe wonke olenga emthini; ukuze isibusiso sika-Abrahama sibe phezu kwabezizwe ngoKristu Jesu; ukuze samukele isithembiso sikaMoya ngokukholwa.
Funda KwabaseGalathiya 3
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: KwabaseGalathiya 3:2-14
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo