KwabaseGalathiya 3:2-14

KwabaseGalathiya 3:2-14 ZUL59

Yilokhu kuphela engithanda ukukwazi kinina ukuthi: Namukeliswa uMoya ngemisebenzi yomthetho noma ngezwi lokukholwa na? Niwulekile kangaka na? Niqalile kuMoya seniyakugcina enyameni na? Nahlupheka kangaka ngeze na? uma kambe kungeze. Ngakho yena oninikayo uMoya noveza imisebenzi yamandla phakathi kwenu ukwenza ngemisebenzi yomthetho noma ngezwi lokukholwa na? Njengalokho u-Abrahama wakholwa nguNkulunkulu, kwabalelwa kuye ukuthi ngukulunga. Yazini-ke ukuthi abokukholwa yibona abangamadodana ka-Abrahama. Kepha umbhalo, ubona ngaphambili ukuthi uNkulunkulu uzakulungisisa abezizwe ngokukholwa, walishumayela ngaphambili ivangeli ku-Abrahama, wathi: “Izizwe zonke ziyakubusiswa kuwe.” Njalo-ke abokukholwa bayabusiswa kanye no-Abrahama okholwayo. Ngokuba bonke abemisebenzi yomthetho baphansi kwesiqalekiso, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Baqalekisiwe bonke abangemi njalo kukho konke okulotshiweyo encwadini yomthetho ukuba bakwenze.” Kepha ukuthi ngomthetho akukho muntu olungisiswayo phambi kukaNkulunkulu kusobala, ngokuba olungileyo uzakuphila ngokukholwa; ngokuba umthetho awusiwo owokukholwa, kodwa owenza lokho uyakuphila ngakho. UKristu wasihlenga esiqalekisweni somthetho, ebenziwe isiqalekiso ngenxa yethu, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Baqalekisiwe bonke abalenga emthini,” ukuba isibusiso sika-Abrahama ngoKristu Jesu sifike kubo abezizwe, ukuze samukeliswe isithembiso sikaMoya ngokukholwa.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne KwabaseGalathiya 3:2-14