UHezekeli 15:2-6

UHezekeli 15:2-6 CZB24

Ndodana yomuntu, umvini udlulani yonke imithi, negatsha eliphakathi kwemithi yasehlathini, na? Ukhuni luyathathwa kuwo ukwenza umsebenzi othile na? noma abantu bayothatha isikhonkwane kuwo ukuze balengise okuthile kuwo? Bheka, iphonswa emlilweni njengenkuni; umlilo udla imikhawulo yawo yomibili, nengaphakathi lawo liyasha. Ingabe ilungele noma yimuphi umsebenzi? Bheka, lapho usuphelele wawungenamsebenzi; kakhulu kangakanani-ke, uma umlilo uwudla uwushise, awulungele umsebenzi na? Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Njengomvini phansi kwemithi yasehlathini engawunikela emlilweni ube zinkuni, kanjalo ngiyakunikela abakhileyo eJerusalema.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo