UHezekeli 15:2-6

UHezekeli 15:2-6 ZUL20

“Ndodana yomuntu, kungani ukuba ukhuni lomvini luyedlule yonke eminye imithi, negatsha lomvini phakathi kwezinye izihlahla ehlathini na? Kungathathwa yini ukhuni kuwo ukuba kwenziwe ngalo okuthile na? Abantu bangawenza yini amahhuku okuphanyeka okuthile? Lapho selufakwe emlilweni ukuba kubaswe izihloko zalo zombili sezidliwe ngumlilo, kanjalo nesiqu salo sesishile, ngabe lusenawo yini umsebenzi na? Uma ngesikhathi lusaphelele belungenamsebenzi walutho, kungenziwani ngalo lapho seludliwe ngumlilo, lwasha na? “Ngakho-ke isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: ‘njengokhuni lomvini oluphakathi kwezihlahla zehlathi, engilunikele emlilweni ukuba lushe, kanjalo-ke ngizinikele izakhamuzi zaseJerusalema.