Kwabase-Efesu 6:10-24

Kwabase-Efesu 6:10-24 CZB24

Elokugcina, bazalwane bami, qinani eNkosini nasemandleni akhe amakhulu. Hlomani izikhali zonke zikaNkulunkulu, ukuze nibe namandla okumelana namaqhinga kaSathane. Ngokuba asibambene negazi nenyama, kodwa sibambene nemibuso, namandla, nababusi balobu bumnyama bomhlaba, nobubi bomoya ezindaweni eziphakemeyo. Ngakho hlomani izikhali zonke zikaNkulunkulu, ukuze nibe namandla okuzabalaza ngosuku olubi, nalapho senifeze konke, nime. Ngakho yimani izinkalo zenu ziboshiwe ngeqiniso, nifake isivikelo sesifuba sokulunga; Enyaweni zenu zigqokiswe ukulungela ivangeli lokuthula; phezu kwakho konke nithathe isihlangu sokukholwa eniyakuba namandla okucima ngaso yonke imicibisholo evuthayo yomubi. Nithathe isigqoko sensindiso, nenkemba kaMoya eyizwi likaNkulunkulu; ngokukhuleka konke nokunxusa nikhuleka ngezikhathi zonke ngoMoya, nikulinde ngokubekezela okukhulu nokunxusela abangcwele bonke; Nakimi, ukuze ngiphiwe izwi, ukuze ngivule umlomo wami ngesibindi, ukuze ngenze yaziwe imfihlakalo yevangeli; engiyinxusa lazo eziboshweni, ukuze ngikhulume ngesibindi kulo, njengokuba ngifanele ukukhuluma. Kodwa ukuze lani lazi okuqondene lami, lokuthi ngenza njani, uThikhiku, umzalwane othandekayo lesikhonzi esithembekileyo eNkosini, uzanazisa konke; engimthume kini ngakho lokho ukuba nazi izindaba zethu, aduduze izinhliziyo zenu. Ukuthula makube kubazalwane, nothando kanye nokukholwa okuvela kuNkulunkulu uBaba naseNkosini uJesu Kristu. Umusa mawube nabo bonke abathanda iNkosi yethu uJesu Kristu ngobuqotho. Amen. (Kwabase-Efesu ilotshwa eRoma, nguThikhiku.)