Kwabase-Efesu 6:10-12

Kwabase-Efesu 6:10-12 CZB24

Elokugcina, bazalwane bami, qinani eNkosini nasemandleni akhe amakhulu. Hlomani izikhali zonke zikaNkulunkulu, ukuze nibe namandla okumelana namaqhinga kaSathane. Ngokuba asibambene negazi nenyama, kodwa sibambene nemibuso, namandla, nababusi balobu bumnyama bomhlaba, nobubi bomoya ezindaweni eziphakemeyo.