Kwabase-Efesu 5:25-33

Kwabase-Efesu 5:25-33 CZB24

Madoda, thandani omkenu, njengalokho noKristu walithanda ibandla, wazinikela ngenxa yalo; ukuze alingcwelise, alihlambulule ngesigezo samanzi ngezwi; ukuze azimise phambi kwakhe ibandla elinenkazimulo, elingenasisihla, noma umbimbi, nanto enjalo; kodwa ukuthi libe ngcwele njalo lingelasici. Kanjalo amadoda afanele ukuthanda omkawo njengemizimba yawo. Othanda umkakhe uzithanda yena. Ngokuba akakho owake wazonda eyakhe inyama; kodwa uyayondla futhi ayinakekele, njengoba nje neNkosi ibandla. Ngokuba singamalungu omzimba wakhe, awenyama yakhe, singamathambo akhe. Ngalokho indoda iyakushiya uyise nonina, inamathele kumkayo, futhi labo ababili bayakuba nyamanye. Le yimfihlakalo enkulu, kepha ngikhuluma ngoKristu nebandla. Nokho-ke yilowo nalowo kini makathande umkakhe njengalokhu ezithanda yena; nomfazi makahloniphe indoda yakhe.