Kwabase-Efesu 5:18-21

Kwabase-Efesu 5:18-21 CZB24

Futhi ningadakwa yiwayini, lapho kukhona ukuganga; kodwa gcwaliswani ngoMoya; nikhulumisana ngamahubo, nangezihlabelelo, nangamaculo okomoya, nihlabelele, nihubele eNkosini enhliziyweni yenu; nimbonga njalo uNkulunkulu uBaba ngakho konke egameni leNkosi yethu uJesu Kristu; nizithoba omunye komunye ngokwesaba uNkulunkulu.