Umshumayeli 7:1-13

Umshumayeli 7:1-13 CZB24

Igama elihle lingcono kunamafutha amahle; nosuku lokufa njengosuku lokuzalwa komuntu. Kungcono ukuya endlini yokulila kunokuya endlini yedili; ngokuba lokhu kungukuphela kwabantu bonke; ophilayo uyakukubeka enhliziyweni yakhe. Usizi lungcono kunokuhleka, ngoba ngokudabuka kobuso inhliziyo iba ngcono. Inhliziyo yabahlakaniphileyo isendlini yokulila; kepha inhliziyo yeziwula isendlini yentokozo. Kungcono ukuzwa ukukhuza kohlakaniphileyo kunokuba umuntu ezwe ukuhlabelela kweziwula. Ngokuba njengokuqhuqhumba kwameva ngaphansi kwekhanzi, kunjalo ukuhleka kwesiwula; nalokho kuyize. Ngempela, ukucindezela kuyahlanyisa ohlakaniphileyo; futhi isipho sichitha inhliziyo. Isiphetho sento singcono kunokuqala kwayo, futhi obekezelayo emoyeni ungcono kunozidlayo. Ungasheshi ukuthukuthela emoyeni wakho, ngokuba ulaka luhlala esifubeni seziwula. Ungasho ukuthi: Kungani izinsuku zakuqala zazingcono kunalezi na? ngoba awubuzi ngokuhlakanipha ngalokhu. Ukuhlakanipha kuhle kanye nefa, futhi ngalokho kunenzuzo kwababona ilanga. Ngokuba ukuhlakanipha kuyisiphephelo, nemali iyisiphephelo, kepha ukudlula ukwazi kungukuthi ukuhlakanipha kuphila kwabanakho. Bhekani umsebenzi kaNkulunkulu, ngokuba ngubani ongaqondisa lokho akwenze kwaba yisigwegwe na?

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne Umshumayeli 7:1-13