Igama elihle lingcono kunamakha anuka kamnandi, nosuku lokufa lungcono kunolokuzalwa. Kungcono ukuya endlini yabalilayo, kunokuya endlini lapho kunedili khona, ngokuba lokho kuyisiphetho sabo bonke, abaphilayo mabakugcine lokhu enhliziyweni. Usizi lungcono kunokuhleka, ngokuba ngobuso obudangele inhliziyo iba nokujabula. Inhliziyo yohlakaniphile isendlini yabalilayo, kodwa inhliziyo yesiwula isendlini yentokozo. Kungcono ukulalela ukusola kohlakaniphileyo, kunokulalela iculo leziwula. Njengomsindo wokusha kwameva phansi kwebhodwe, kunjalo ukuhleka kweziwula. Nalokho kuyize. Impela ukucindezelwa kwenza ohlakaniphile isiwula, ukufunjathiswa kuyayilutha inhliziyo. Singcono isiphetho sendaba kunesiqalo sayo; onomoya wokubekezela ungcono kunalowo onowokuzidla. Ungasheshi ukuthukuthela, ngokuba intukuthelo ihlala ezifubeni zeziwula. Ungasho ukuthi: “Kungani izinsuku zasemandulo zazingcono kunezanamuhla na?” Ngokuba lokho kubuza akuveli ekuhlakanipheni. Ukuhlakanipha kuhle njengefa, futhi kusiza labo abasalibona ilanga. Ngokuba ukuvikeleka kokuhlakanipha kufana nokuvikeleka kwemali, kodwa ubuhle bolwazi nokuhlakanipha kulondoloza ukuphila kwalowo onakho. Bheka umsebenzi kaNkulunkulu; ngubani ongaqondisa akugobisileyo na?
Funda UMshumayeli 7
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: UMshumayeli 7:1-13
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo