UDuteronomi 8:1-6

UDuteronomi 8:1-6 CZB24

Yonke imiyalo enginiyala ngayo namuhla niyakugcina ukuyenza ukuba niphile, nande, ningene nilidle izwe uJehova alifungela oyihlo. Woyikhumbula yonke indlela uJehova uNkulunkulu wakho akuholile ngayo le minyaka engamashumi amane ehlane ukuba akuthobise, akuvivinye, azi okusenhliziyweni yakho, uma uthanda ukugcina imiyalo yakhe noma qha. Wakuthobisa, wakulambisa, wakupha imana ongalazi, noyihlo ababengalazi; ukuze akwazise ukuthi umuntu akaphili ngesinkwa sodwa, kodwa ngamazwi onke aphuma emlonyeni kaJehova. Izingubo zakho azikugugelanga, nonyawo lwakho aluvuvukalanga kule minyaka engamashumi amane. Kumelwe uqaphele enhliziyweni yakho ukuthi njengalokhu umuntu elaya indodana yakhe, kanjalo uJehova uNkulunkulu wakho uyakulaya wena. Ngakho wogcina imiyalo kaJehova uNkulunkulu wakho, uhambe ezindleleni zakhe, umesabe.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo