IDutheronomi 8:1-6

IDutheronomi 8:1-6 ZUL20

“Yonke imiyalo enginiyala ngayo namuhla niyakuyigcina ngokucophelela ukuze niphile; niyokwanda, ningene, nilidle izwe uSimakade afunga ngalo kokhokho benu. Uyoyikhumbula yonke indlela uSimakade uNkulunkulu wakho akuhola ngayo le minyaka engama-40 ehlane ukuba akuthobise, akuvivinye, ukuze azi okusenhliziyweni yakho, ukuthi uyoyigcina yini imiyalo yakhe noma qha. Wakuthobisa, wakulambisa, wakupha ukuba udle imana obungayazi, nababengayazi ngisho okhokho bakho ukuze akwenze wazi ukuthi umuntu akaphili ngesinkwa sodwa, kodwa ngakho konke okushiwo nguSimakade; yilokho umuntu aphila ngakho. Izingubo zakho azikugugelanga, nonyawo lwakho aluvuvukalanga kule minyaka engama-40. Uyokwazi enhliziyweni yakho ukuthi njengalokhu wonke umuntu eyiyala indodana yakhe, kanjalo uSimakade uNkulunkulu wakho uyakuyala nawe. “Uyoyigcina imiyalo kaSimakade uNkulunkulu wakho, ngokuhamba ezindleleni zakhe nangokuba umesabe.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo