Ngokuba uyisizwe esingcwele kuJehova uNkulunkulu wakho; uJehova uNkulunkulu wakho ukukhethile ukuba ube yisizwe sakhe phezu kwezizwe zonke ezisemhlabeni. UJehova akanithandanga, akanikhethanga, ngokuba naningaphezu kwezizwe zonke; ngoba wawumncane kunabo bonke abantu. Kodwa ngenxa yokuthi iN kosi yalithanda, langoba igcine isifungo eyasifunga koyihlo, i Nkosi yalikhupha ngesandla esilamandla, yalikhulula endlini yobugqili, esandleni sikaFaro, inkosi yeGibhithe. Yazi-ke ukuthi uJehova uNkulunkulu wakho unguNkulunkulu, uNkulunkulu othembekileyo, ogcina isivumelwano nomusa kwabamthandayo nabagcina imiyalo yakhe ezizukulwaneni eziyinkulungwane; ubaphindisele abamzondayo ebusweni babo ukuba ababhubhise
Funda UDuteronomi 7
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: UDuteronomi 7:6-10
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo