UDuteronomi 7:6-10
UDuteronomi 7:6-10 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngokuba uyisizwe esingcwele kuSimakade uNkulunkulu wakho. USimakade uNkulunkulu wakho ukukhethile ukuba ube yisizwe esiyifa lakhe phezu kwezizwe zonke ezisebusweni bomhlaba. “USimakade akanithandanga nje kuphela, akanikhethanga kunezinye izizwe ngoba nibaningi; naniyingcosana kunezizwe zonke. Kepha kwaba ngenxa yokuba uSimakade enithanda, nangokuba wayegcina isifungo ayesenze nokhokho benu. USimakade unikhiphe ngesandla esinamandla, wanihlenga endlini yobugqila nasesandleni sikaFaro, inkosi yaseGibhithe. Yazi-ke ukuthi uSimakade uNkulunkulu wakho unguNkulunkulu, uNkulunkulu othembekileyo, ogcina isivumelwano somusa kwabamthandayo abagcina imiyalo yakhe kuze kube sezizukulwaneni eziyinkulungwane, ophindiselayo kwabamzondayo, ababhubhise; akayukulibala kulowo omzondayo, uyakuphindisela kuye.
UDuteronomi 7:6-10 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngokuba uyisizwe esingcwele kuJehova uNkulunkulu wakho: uJehova uNkulunkulu wakho ukukhethile ukuba ube yisizwe senzuzo yakhe phezu kwezizwe zonke ezisebusweni bomhlaba. “UJehova akanamathelanga kini, kanikhethanga ngokuba nanibaningi kunezinye izizwe, ngokuba naniyingcosana kunezizwe zonke, kepha ngokuba uJehova enithanda nangokuba ebeyakugcina isifungo asifungela oyihlo uJehova unikhiphile ngesandla esinamandla, wanihlenga endlini yezigqila esandleni sikaFaro inkosi yaseGibithe. Yazi-ke ukuthi uJehova uNkulunkulu wakho unguNkulunkulu, uNkulunkulu othembekileyo, ogcina isivumelwano nomusa nabamthandayo abagcina imiyalo yakhe kuze kube sezizukulwaneni eziyinkulungwane, abaphindisele abamzondayo ebusweni babo, ababhubhise; akayikulibala kuyena omzondayo, uyakumphindisela ebusweni bakhe.
UDuteronomi 7:6-10 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ngokuba uyisizwe esingcwele kuJehova uNkulunkulu wakho; uJehova uNkulunkulu wakho ukukhethile ukuba ube yisizwe sakhe phezu kwezizwe zonke ezisemhlabeni. UJehova akanithandanga, akanikhethanga, ngokuba naningaphezu kwezizwe zonke; ngoba wawumncane kunabo bonke abantu. Kodwa ngenxa yokuthi iN kosi yalithanda, langoba igcine isifungo eyasifunga koyihlo, i Nkosi yalikhupha ngesandla esilamandla, yalikhulula endlini yobugqili, esandleni sikaFaro, inkosi yeGibhithe. Yazi-ke ukuthi uJehova uNkulunkulu wakho unguNkulunkulu, uNkulunkulu othembekileyo, ogcina isivumelwano nomusa kwabamthandayo nabagcina imiyalo yakhe ezizukulwaneni eziyinkulungwane; ubaphindisele abamzondayo ebusweni babo ukuba ababhubhise