Gcina usuku lwesabatha ulungcwelise, njengalokho wakuyala uJehova uNkulunkulu wakho. Izinsuku eziyisithupha uyakusebenza, uwenze wonke umsebenzi wakho; Kepha usuku lwesikhombisa luyisabatha likaJehova uNkulunkulu wakho; ungenzi msebenzi ngalo, wena nendodana yakho, nendodakazi yakho, nenceku yakho, nencekukazi yakho, nenkabi yakho, nembongolo yakho, nezinkomo zakho, nomfokazi wakho ophakathi kwamasango akho; ukuze inceku yakho nencekukazi yakho baphumule njengawe. Khumbula ukuthi wawuyinceku ezweni laseGibithe nokuthi uJehova uNkulunkulu wakho wakukhipha kulo ngesandla esinamandla nangengalo eyeluliweyo; ngalokho uJehova uNkulunkulu wakho wakuyala ukuba ugcine usuku lwesabatha.
Funda UDuteronomi 5
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: UDuteronomi 5:12-15
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo