“ ‘Gcina usuku lwesabatha, ulungcwelise, njengalokhu uSimakade uNkulunkulu wakho ekuyalile. Uyosebenza izinsuku eziyisithupha, uwenze wonke umsebenzi wakho, kepha usuku lwesikhombisa luyisabatha likaSimakade uNkulunkulu wakho; awuyukusebenza msebenzi ngalo, wena nendodana yakho, nendodakazi yakho, nenceku yakho, nencekukazi yakho, nenkabi yakho, nembongolo yakho, nayo yonke imfuyo yakho, nomfokazi ophakathi kwamasango akho, ukuze inceku yakho nencekukazi yakho baphumule njengawe. Khumbula ukuthi nawe wawuyisigqila eGibhithe, nokuthi uSimakade uNkulunkulu wakho wakukhipha khona ngesandla esinamandla nangengalo eyeluliweyo; yingakho-ke uSimakade uNkulunkulu wakho wakuyala ukuba ugcine usuku lwesabatha.
Funda IDutheronomi 5
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: IDutheronomi 5:12-15
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo